
Amalungu omphakathi amaningana, ngokubambisana namalungu enhlangano iMarch and March, aqale umbhikisho ngokumelene nabokufika abangenazo izincwadi ezzibagunyaza ukuba kuleli eThekwini ngoLwesibili.
Isenzo esiholwa nguNgizwe Mchunu owayengumsakazi phambilini siza ngemuva kwengxabano ebikhona kubhikishwa ngoMsombuluko, ngesikhathi amalungu ale nhlangano kade ebhikisha enkabeni yedolobha laseThekwini.
Esitatimendeni ngoMsombuluko, ikhansela le-Democratic Alliance (DA) eThekwini uSharmaine Sewshanker lithe idolobha ligcwele imibhikisho kusukela ngomhlaka-13 ku-April, ehlobene nokuvalwa kwezitolo ezithile.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuboshwe 15 wabokufika efemini eseChatsworth
UMchunu uthe basaqinile esenzweni sabo futhi bahlose ukuya eGauteng, ikakhulukazi ePitoli naseGoli.
UMchunu uphikile izimangalo zokuthi benza ubudlova.
“Okungicasulayo osopolitiki abahlulekayo ukuhlangana basekele umbono wabo. Esikhundleni salokho, bathi sinobudlova. Akekho owenza ubudlova, yizigebengu ezenza lokho. Thina esikushoyo ukuthi abokufika abakuleli ngokungemthetho kumele bahambe…Maduze nje sizolikhulula leli zwe,” kusho yena.
USewshanker usigxekile isenzo sangoMsombuluko, ethi ayikho emthethweni.
“Lokhu kuphazamiseka akukhona nje kuphela ukuthi akukho emthethweni kodwa futhi kuwulimaza kakhulu umnotho wendawo. Amabhizinisi aphoqeleka ukuba avale, imali engenayo iyalahleka, kuphinde kubeke engcupheni imisebenzi edolobheni elivele libhekene nokuntuleka kwemisebenzi.”
