Kungase kwelulwe ukuncishiswa kwentela kaphethiloli

Uhulumeni waseNingizimu Afrika ungase ukwelule ukuncishiswa kwentela kaphethiloli ngale komnqamlajuqu ka-April.

UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uthe uhulumeni angakwazi ukuyelula isikhashana kuphela, exwayisa ngokuthi akukho lutho esikhwameni yokuqhubeka nokuxhasa lesi sinyathelo isikhathi eside.

Isitatimende sakhe siza njengoba impi yase-Middle East iqhubeka nokunyusa amanani kawoyela emhlabeni wonke, nokuyinto esongela ukwenyusa izindleko zikaphethiloli ezweni.

OLUNYE UDABA: Intela kaphethiloli izoncishiswa ngo-R3 ilitha ngo-April

Ukwelulwa kwesikhashana kuzonciphisa inkinga kubashayeli bezimoto namabhizinisi, kodwa uMgcinimafa uxwayise ngokuthi ukwesekwa okuqhubekayo akunakwenzeka ngaphandle kokuthi izimo zibengcono.

The Citizen