
I-KZN E-Hailing Council ifuna kuvikelwe abashayeli bayo kulandela isigameko sakamuva sodlame.
Abashayeli ababili basinde esigamekweni sokudubula eClermont, entshonalanga yeTheku, ngoLwesithathu.
Okhulumela lo mkhandlu uSipho Mabika uthe osomatekisi, kusolwa ukuthi bafike kowesilisa oyedwa obelinde umgibeli bamphoqa ukuthi ahambe.
Uthi ngemuva kwemizuzwana, kube sekuqhuma izibhamu zibhekiswe emotweni yakhe. UMabika uthi umshayeli wesibili yena ushayiwe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Unxuse uhulumeni ukuthi angenelele.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwalimala 4 wabasolwa ngokugqekeza emzini osePinetown
“Oyedwa wabashayeli bethu, uimoto yakhe. Abashayeli ababili bebehlezi ezimotweni, bobabili baphuthunyiswe esibhedlela.
“Silivulile icala, sifuna amaphoyisa ahambe eyobopha labo bantu abenze lokhu, ngoba bayaziwa.
Kuyona le ndawo ngoJune kuthunjwe umshayeli we-e-hailing wabulawa.
Ekuqaleni kwale nyanga, uMthokozisi Mvelase oneminyaka engu-27 ubudala wasoLundi, wadutshulwa eSoweto ezinsukwini ezimbalwa eqale umsebenzi wakhe omusha wokushayela.
Abe-KZN Transport bathi kutshalwe abe-Operation Shanela ukuze kunqandwe olunye udlame futhi kukhuphule ukubonakala kwamaphoyisa.
