“UNkulunkulu akakaze athi indlela yakhe izoba lula”

Abenkonzo esematheni kulezi zinsuku okubikwa ukuthi amalungu alo ashiye phansi imisebenzi, imfundo, kanye nokunakekelwa kwempilo, liyalelwe ukuba lihlakazeke, lihambe ngokushesha endaweni ebelihlala kuyo KwaMaphumulo, eKZN..

Ngesikhathi somhlangano ngoMsombuluko, abaholi bendabuko endaweni yaKwamaphumulo, lapho leli qembu lihlanganyele khona, baphethe ngokuthi kumele zihambe endaweni nokuthi akekho umzalwane okumele abe esakhona kule ndawo kusukela ngoLwesithathu.

Indawo yaKwamaphumulo iyindawo yasemakhaya kakhulu, kanti idolobha elikhulu eliseduze nakhona yiKwaDukuza.

Isinqumo sithathwe ngemuva kokuba umholi wesonto uVusumuzi Sibiya ebizelwe ukuzovela phambi kwenkantolo yesizwe KwaMaphumulo ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngezinsolo zezepolitiki esikoleni saKwaDukuza

USibiya ekhuluma nabakwa-News24, uthe amalungu ayasithobela iseluleko futhi aseqalile ukuhlakazeka.

“Sitshelwe ukuthi sihambe, kanti ke manje bayahamba. Asilwi namuntu. Siyahlonipha umthetho wabaholi bendabuko. Abanye bahambe izolo, abanye bayahamba njengoba sikhuluma, kodwa sifuna ukuhlonipha ubuholi bendabuko bendawo futhi siqinisekise ukuthi amalungu ayahamba ekupheleni kosuku lwanamuhla,” esho.

Ngokusho kukaSibiya, angaphezu kwangu-48 amalungu athintekile kulesi sinqumo.

Abanye bazobuyela ezifundazweni zabo, okubalwa isifundazwe saseNorth West nesase-Eastern Cape, kanti abanye bazothuthela eNanda, KwaMashu, eMariannhill nakwezinye izingxenye zesifundazwe saKwaZulu-Natal.

“Besazi ukuthi ekuhambeni kwesikhathi izogcina yenzekile into efana nale,” kusho uSibiya.

“Asithukuthele. UNkulunkulu akakaze athi indlela yakhe izoba lula. Kodwa sizoqinisekisa ukuthi izimfundiso zakhe azisoze zaphela, noma ngabe siqhelelene kangakanani.”