Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula kukaMam’Cynthia Shange

Iqembu lezepolitiki Umkhonto weSizwe lithi uMam’Shange uzokhunjulwa njengomuntu owavula iminyango yezizukulwane zabesifazane abamnyama eNingizimu Afrika.

INkantha Freedom Park (IFP), yona ithi idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaShange, abathandekayo bakhe, nabo bonke ababanenhlanhla yokusebenza naye. Kwangathi bangathola amandla nenduduzo phakathi nalesi sikhathi esinzima, futhi kwangathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.

UMam’Shange waqopha umlando ngokuba ngunobuhle wokuqala omnyama ukumela iNingizimu Afrika kuMiss World ngo-1972 akasekho emhlabeni.

UCynthia Shange, ngokusho kwesitatimende somndneni udlule emhlabeni ngezintatha zangoMsombulukoa esibhedlela esiKwaZulu-Natal kulandela ukuxinwa wukugula.

Mam’Cynthia Shange wayelingisa emdlalweni eyayinedumela okubalwa kuyo umdlalo owawubizwa ngokuthi Deliwe, uShaka Zulu, kanye noMuvhango.