
Kuboshwe abantu abane ngezinsolo zokuqasha izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zijoyine ibutho laseRussia.
Amaphoyisa ophiko loKlebe i-Directorate for Priority Crime Investigation (Hawks) ibophe la bantu ngoMgqibelo. Nakuba oKlebe bengakuqinisekisanga, imithombo iveze nokuthi kukhona umuntu odumile kwabezindaba kulabo ababoshiwe.
Ukuboshwa kwalaba kulandela ukuncinzwa indlebe ngamaphoyiseni ase-OR Tambo International Airport mayelana namadoda amane aye eRussia nge-United Arab Emirates.
La madoda amiswa esangweni lokungena abe esenikelwa kuphiko lwe-Hawks’ Crimes Against the State (CATS) ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni uphenya ngokuqashwa kwamadoda aseNingizimu Afrika empini yase-Ukraine
“Bonke abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoMsombuluko, womhlaka-1 December 2025, kulandela ukuboshwa kwabo ngoLwesihlanu, womhlaka-28 November 2025, ngezinsolo zokwephula uMthetho we-Regulation of Foreign Military Assistance Act, 15 of 1998.”
“Uphenyo lokuqala luveze ukuthi owesifazane waseNingizimu Afrika kuthiwa ubesiza ekuhanjisweni nasekuqashweni kwala bantu kwibutho lezempi laseRussia,” kusho oKlebe.
