
Isihlabani zomculi uNdivhudzannyi Ralivhona owaziwa kakhulu ngelikaMakhadzi ululama kahle esibhedlela ePolokwane, eLimpopo.
UMakhadzi ungene esibhedlela kulandela ukushayiswa yimoto ngesikhathi ephuma emotweni yakhe.
OLUNYE UDABA: Bangaphezu kuka-50 abafundi abangeniswe esibhedlela ngokudla ‘u-ice block o-expayile’
Lo mculi wayeshayela ku-N1 ngaphandle kweMokopane ngoLwesithathu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kanti wayesehlile emotweni yakhe ngesikhathi eshayiswa yimoto edlulayo.
UMakhadzi wayesendleleni eya eGoli ehambela umcimbi.
Okhulumela iMakhadzi Entertainment uLucky Tshilimandila uthi isimo salo mculi sesingcono uma kuqhathaniswa noLwesithathu.
