Inkantolo ichithe isicelo seMKP

INkantolo yoMthethosisekelo inqabele iqembu loMkhonto weSizwe kanye nalowo owayengumengameli uJacob Zuma ukufinyelela okuqondile esicelweni sabo esiphikisa ukubekwa kukaMengameli uNgqongqoshe wamaPhoyisa ekhefini eliyisipesheli.

I-MK Party ikholelwa ukuthi isinqumo sikaCyril Ramaphosa sokumisa uSenzo Mchunu ngezinsolo zokuthi wagxambukela ophenyweni lwamaphoyisa asikho emthethweni.

URamaphosa uqoke ikhomishana ezophenya ngezinsolo ezibhekiswe kuKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa abalandeli be-MKP ukuba babekezele kusahlungwa ongase abengunobhala-jikelele omusha weqembu

Inkantolo enkulu ilalele lesi sicelo ngoLwesithathu.

UZuma kanye ne-MK Party baphikisa ngokuthi yinye indlela uRamaphosa abengenza ngayo ngokomthethosisekelo ukuthi axoshe uMchunu ngaphambi kokuqoka uSolwazi Firoz Cachalia njengebamba likangqongqoshe wamaphoyisa.

Abameli baMengameli wakuleli baziphendulele ngokuthi kuzobe kuwukuphambana nomthethosisekelo ukuthi uMchunu agudluzwe ngale kokwenziwa kouphenyo ngezinsolo ungqongqoshe aziphikayo.

Isinqumo senkantolo sethulwe namuhla, emini.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)