Kunxuswa abalandeli be-MKP ukuba babekezele kusahlungwa ongase abengunobhala-jikelele omusha weqembu

I-MK Party inxuse abalandeli bayo ukuthi babekezele njengoba umholi weqembu uJacob Zuma ephothula ukuqokwa kukaNobhala-Jikelele omusha ozongena ezicathulweni zikaFloyd Shivambu.

“Kungekudala umengameli uzobiza ubuholi bukazwelonke, amemezele ukuthi ubani ozongena esikhundleni sikaNobhala-Jikelele. Njengamanje usahlola, ucele ukuthi angaxhamazeli ngoba akafuni ukwenza amaphutha afanayo njengasekuqaleni,” kusho inhloko yehhovisi likaMengameli weqembu uMagasela Mzobe eThekwini ngoLwesihlanu.

“Lesi sikhundla sigaqelwe ngabantu abaningi kodwa okubaluleke kakhulu kumengameli wumuntu ozokwazi ukugcina uzinzo futhi ahloniphe imithetho ngaphandle kokuvumela isikhundla nendima yaso singene ekhanda,” usho kanje engeza.

UMzobe ubekhuluma nabalandeli beQembu le-MK abebezosekela lowo owayengumholi wentsha uBonginkosi Khanyile ecaleni lakhe lodlame elisenkantolo enkulu yaseThekwini.

UKhanyile ubhekene namacala okudala udlame kanye nokwephula uMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele ohlobene nezibhelu zangoJuly 2021 ngemuva kokuboshwa kukaZuma ngenxa yokwedelela inkantolo.

OLUNYE UDABA:UShivambu akasesiye unobhala-jikelele weMK Party ngenxa yohambo lwakho lwaseMalawi

Kuvamile ukuthi igama likaKhanyile liphathwe njengomuntu ongase angene esikhundleni sokuba nguNobhalaJikelele kusukela kwehliswa uShivambu kuso kanti ngoLwesihlanu abalandeli beqembu bashawoda igama lakhe ngesikhathi uMzobe ekhuluma ngalesi sikhundla.

Uzakwabo omdala uPhilani “Gazuzu” Nduli, ophinde abe ngumholi ezinhlakeni zentsha zaleli qembu, naye ubemkhankasela ezinkundleni zokuxhumana.

Nakuba kunjalo, uMzobe uxwayise ngokuqagela, wathi uZuma uphezukwakho ukuqokwa komuntu omusha ozoba nguNobhala-Jikelele.sezandleni zokuqamba igama lozoqokwa.

SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)