
ISouth African Medical Association ithi izohlangana noNdunankulu waseKZN uThami Ntuli kuleli sonto ukudingida izikhalo eziqhubekayo ngokuphepha kwabasebenzi bezempilo.
Le nhlangano ithi isiwubonile umkhuba omubi wokuhlaselwa kodokotela yizigebengu.
Ngesonto eledlule, kusinde udokotela esigamekweni sokudubula ngaphandle kwesibhedlela iLife Westville, eThekwini.
Isikhulu sakwaSAMA, uDkt Mzulungile Nodikida, sithi sebebhalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ukuzwakalisa ukukhathazeka kwabo.
OLUNYE UDABA: Umndeni ka-Alutha Mazwi uthi udunguza ebumnyameni ngokushona kwakhe
Uqhube wathi sebeqalile ukuxhumana nezinye izifundazwe ukuthuthukisa ezokuphepha ezikhungweni zezempilo ezweni lonke.
“ Sizohlangana noNdunankulu ngoLwesihlanu. Abantu bayazi ukuthi ezibhedlela awukwazi ukuba nesibhamu. Uma kungekho noyedwa onesibhamu konogada uma kunento eyenzekayo esibhedlela, ezweni elifana nelethu, sibe sazi kahle ukuthi ubugebengu buyinkinga, lokhu kuyinkinga yezwe. Unogada kufanele ahlome ngesibhamu.
“Ayikho nje enye indlela ngoba uma bengahlomile kusho ukuthi abantu abasebenza kuleso sikhungo yibona abahlaselwayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
