UNgqongqoshe uButhelezi uzwakalise ukukhathazeka ngesiteleka sakuMasipala waseMsunduzi

Ungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eKZN uMfundisi uThulasizwe Buthelezi usezwakalise ukukhathazeka ngesimo esibhekene noMasipala weNdawo eMsunduzi ePitermaritzburg.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo masipala ubhekene nesiteleka sabasebenzi esesiqhubeke izinsuku eziningi nesiphazamisa ukuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi kanjalo nosomabhizinisi.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uButhelezi uhlinzeka ngosizo lwesikhashana wahlola umthelela wezinhlekelele kuMasipala wendawo yaseMshwathi

UNggqongqoshe unxuse ubuholi balo masipala ukuba bulalele izidingo zabasebenzi uphinde uphendule kulokhu abasebenzi abakufunayo ukuze kuzoqhubeka ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu nosomabhizinisi.

UNgqongqoshe uchaze lokhu njengesimo esingamukelekile ikakhulukazi kubuholi, wanxusa ubuholi ukuba bukhombise ubuqotho uthathe nezinqumo ezizokwazi ukuthi ziqinisekise ukuthi abantu baseMsunduzi bayazithola zonke izidingo okufanele ukuba bazithole kumasipala.