Kuqalile ukuthungathwa kwabasolwa abadubule balizama abebeboshiwe

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aseqalile athungatha abasolwa abazame ukusoconga amaphoyisa nokudubula alimaze abasolwa ababili abebeboshelwe ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa aseCato Manor abenza imisebenzi yawo ejwayelekile yokuvimbela ubugebengu nokusesha ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi ebona imoto yohlobo lwe-Toyota Etios e-silver ngokwebala ipake enkundleni yezemidlalo yaseBonela eceleni komgwaqo iRaymond.

Amaphoyisa asondela emotweni athola abantu ababili ababengaphakathi emotweni, ukuseshwa lkwemoto kuholele ekutholakaleni kwesibhamu i-AK 47 kanye nomagazini abane abagcwele. la basolwa babe sebeboshwa.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane kwesokudubulana namaphoyisa eNanda

Ngesikhathi amaphoyisa ehamba nomgwaqo i-Dunbar Road ebheke essiteshini samaphoyisa ukuyothwesa icala abasolwa, abelandelwa yizimoto ezimbili, eyohlobo lwe-Toyota Double Cab emhlophe nenye futhi emhlophe yohobo lwe-Toyota Corolla Cross. Abasolwa abebeboshiwe babe sebexwayisa amaphoyosa ngokuba anyuse isivinini ngoba abagibele ezimotweni ezibalandelayo bazobadubula. Abasolwa baphinde batshela amaphoyisa ukuthi bebelinde zona lezi zimoto zibalethele enye inhlokohlela yesibhamu i-AK47 ukuze kuyobanjwa inkunzi imoto yemali ngoLwesibili.

Amaphoyisa abe esesuka ngesivinini kodwa azithila esehlaselwa abantu ababehamba ngezimoto ezazilandela eyamaphoyisa. Ubuningi bamalungu omphakathi kwavimbela amaphoyisa ukuba aziphindiselele, kunalokho ashayela aze ayongena esiteshini samaphoyisa. Abasolwa ababili ababoshiwe bathola amanxeba okudutshulwa, baphuthunyiswa esibhedlela lapho abaqashwe khona ngamaphoyisa.