Bayavela abasolwa ngawokushushumbisa abantu

Kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla usomabhizinisi omkhulu waseThekwini kanye nosolwa naye, uRangasamy Naidoo.

Laba bobabili babhekene namacala okushushumbisa abantu.

Leli cala livela esigamekweni sango-2022 esbandakanya abantu besifazane abathathu abasebasha base-Eldorado Park, eGoli, abakhohliswa ngokunikwa umsebenzi kanti bazophoqwa ukuba badayise ngocansi endaweni yaseDurban North.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke bafake izicelo zebheyili abasolwa ngokushushumbisa abantu

UNaidoo, oneminyaka engu-48 ubudala, ubhekene namacala okushushumbisa abantu, ukuthumba, ubugebengu be-inthanethi, ukuthuka inhlamba, kanye nokuthengisa ngocansi.

Lo somabhizinisi ubhekene namacala angu-20, okuhlanganisa nokunukubeza ngokocansi.

Le ndoda, engeke lidalulwe igama layo kuze kube wukuthi iwavume amacala, ingusomabhizinisi kanti phambilini yayiyi phoyisa.

IOL