
Siqhume kabili isibhamu emagcekeni esikole esiseTrenance Park, eVerulam, KwaZulu-Natal, namuhla.
Kubikwa ukuthi isibhamu siqhume kubanjwa inkunzi isitolo esingaphakathi esikoleni.
Onogada benkampani yakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) bathole inqwaba yezingcingo, abantu bedinga usizo.
Abakwa-RUSA babe sebephuthuma endaweni yesehlakalo, bafika khona ngezithuba zabo-14:07.
OLUNYE UDABA: I-SADTU iqinisekise ukubuyiselwa kwesikhathi sokufunda esilahlekile esikoleni eMkhumbane
Kuzwakale ukuthi abasolwa abathathu bakhombe ngezibhamu abantu ababili abasebenza ngaphakathi kulesi sitolo. Izisulu ziphucwe amaselula nesamba semali esingadaluliwe.
Izigebengu zidubule kabili endaweni yesigameko. Kutholakale amagobolonde enhlamvu amabili khona endaweni yesigameko.
Kubikwa ukuthi abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lwe-Toyota Tazz emhlophe ene-number plate engaziwa, bebalekela ngaseNanda, KwaZulu-Natal.
Akekho okubikwe ukuthi uthole ukulimala.
IZITHOMBE:




