
ISekela likaMeya weTheku uKhansela Zandile Myeni uvakashele emjondolo yakuKennedy Road eyobheka umonakalo olahlekelise izakhamuzi ezingu-150 ngendawo yokuhlala.
Lokhu kuza ngemuva kokuqba kuqubuke komlilo odlule nemiphefumulo emibili.
Inhloso yohambo lukaMyeni lokuya kule ndawo bekungukuhlinzela izisulu ngezinto ezibalulekile okubalwa kuzo amaphasela okudla, izingubo zokulala kanye nezipontshi.
Abalahlekelwe yindawo yokuhlala bazohlaliswa okwesikhashana ehholo lomphakathi njengoba kusahlelwa izindawo zokuhlala isikhathi eside.
OLUNYE UDABA: Kushone owesifazane nosana kusha imijondolo ekuKennedy Road eThekwini
Njengamanje amathimba abhekelele ezinhlekelele amatasa ngemizamo yokubuyisela izinsiza zamanzi nogesi eziphazanyiswe yilesi sigameko.
UKhansela Myeni udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile okungowesifazane oneminyaka engu-25 ubudala nosana olusacathula waphinde wakhuthaza umphakathi ukuthi ulekelele lapho ungasiza khona, uveze umoya woBuntu.
ISekela likaMeya liphinde lanxusa umphakathi ukuba unikele ngokudla, izingubo zokugqoka, izingubo zokulala, izinto zokwakha nokunye okubalulekile okungaduduza abathintekayo.
Ngenxa yalesi sigameko uKhansela Myeni unxuse amalungu omphakathi ukuthi ahlale eqaphile futhi akugweme ukushiya umlilo ovuthayo namakhandlela kungenamuntu okugadile, eveza ubungozi obungase bube khona.
IZITHOMBE:




Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
