
Abezicishamlilo nezimo eziphuthumayo bakwaMasipala weTheku, kanye namathimba abhekelele iziNhlekelele, baphuthume ngokushesha lapho okuqubuke khona ilangabi ngezithuba zabo-12:03 ezintatha emijondolo yakuKennedy Road kuWadi 25.
Leli langabi lisabalale endaweni lacekela phansi cishe izakhiwo ezingu-100 kwasala dengwane izakhamuzi ezingaphezu kwezingu-10 kubalwa nezingane.
Abezimo eziphuthumayo basebenze ngokuzikhandla ekuseni ukuze banqande ukubhebhetheka kwelangabi, bacisha umlilo.
Ngeshwa, kushone abantu ababili, okungowesifazane nengane encane enezinyanga ezingu-18, bobabili bashone ngenxa yokusha kanzima. Akukho okunye ukulimala okubikiwe ngalesi sikhathi.
OLUNYE UDABA: Kusale dengwane abangaphezu kuka-200 kusha imjondolo kuKennedy Road eThekwini
Uphenyo lokuqala luveza ukuthi kungenzeka ukuthi umlilo uqale ngenxa yesitofu ebesivutha singanakiwe.
Uphiko lukaMasipala lweDisaster Manangement Directorate njengamanje lusendaweni yesigameko luhlola umonakalo futhi lunikeze usizo oluphuthumayo.
Abantu bahlinzekwa ngosizo abaludingayo kanti nenhlangano engenzi nzuzo iGift of the Givers ihlinzeka ngokudla, izingubo zokulala, nezinto ezibalulekile kubahlali abathintekile.
Imindeni eminingi esale dengwane yona ithole indawo yokuhlala yesikhashana komakhelwane, izihlobo nabangane.
UMasipala unxusa umphakathi ukuba ufake isandla nganoma iyiphi indlela.
Iminikelo yokudla, owempahla yokokugqoka, izingubo zokokulala, izinto zokwakha, noma ezinye izinto ezibalulekile ingenza umehluko omkhulu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
