Kusale dengwane abangaphezu kuka-200 kusha imjondolo kuKennedy Road eThekwini

Abezicishamlilo nezimo eziphuthumayo kuMasipala weTheku kanye namathimba eZinhlekelele baphuthume emjondolo yakuKennedy Road kuWard 25 ngezithuba zabo-14:00 lapho kuqubuke khona mlilo omkhulu.

Umlilo ucekela phansi imijondolo engu-117 kwasala dengwane abantu abangu-217, kubalwa nezingane.

Abekho okubikwe ukuthi bathole ukulimala noma bashonile kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Abahlali bathi kudingeka uhlelo lwezinhlekelele emjondolo eThekwini

Okuholele kuleli langabi akukaziwa kanti okwamanje kusaphenywa.

Usizo lokusiza abantu kule ndawo luhlinzekwa uPhiko Lokulawulwa Kwezinhlekelele kuMasipala ngokubambisana neNhlangano Engenzi Nzuzo iGift of the Givers, abasebenza ngokuzikhandla ukuxhasa izakhamuzi ezithintekile ngosizo oluphuthumayo, okuhlanganisa ukudla, izingubo zokulala, nezinye izinto ezibalulekile.

Imindeni ethintekile ithole usizo lwesikhashana komakhelwane, abangani nezihlobo.

Khonamanjalo, uPhiko lwezokuHlaliswa kwaBantu kuMasipala lumatasa luzama ukuthola isisombululo ukusiza labo abalahlekelwe yimizi yabo.

IZITHOMBE:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)