Abahlali bathi kudingeka uhlelo lwezinhlekelele emjondolo eThekwini

Inhlangano yabahlali basemjondolo i-Abahlali baseMjondolo ithi kunesidingo esiphuthumayo sohlelo lokulawulwa kwezinhlekelele emijondolo.

Izakhamizi zakuKennedy Road Informal Settlement ngeledlule kudingeke ukuthi ziphume kule ndawo ngemuva kokuba kushe inqwaba yemizi.

AbeZinhlekelele eThekwini bathe umlilo ushise imijondolo engu-40, kwasala dengwane abantu abangu-76.

OLUNYE UDABA: Kusale dengwane abantu abangu-76 kulandela ukusha kwemjondolo kuKennedy Road

Owenhlangano i-Abahlali baseMjondolo, uThapelo Mohapi, uthi ezinye izakhamuzi ezingaphansi kwenhlangano yazo zalahlekelwa yikho konke ezazinakho.

Uthi ukusha kwemililo kule ndawo sekuyinto ebakhona njalo onyakeni kubahlali basemjondolo.

UMohapi usenxuse iDolobha ukuthi lisukumele le nkinga ngokushesha.

“Siphakamisa ukuthi kube khona amasosha azoqeqesha umphakathi ukubhekana nale nkinga ukuze kuthi uma kunomlilo kube khona abantu abakwazi ukuyisa abantu endaweni ephephile nabantu bangalahlekelwa yimpahla zabo kanjalo nezimpilo zabo.

“Nathi sifuna izindawo okuhlanganelwa kuzo uma kunezinhlekelele. Uma kuqubuka umlilo, abantu kumele baqoqelwe endaweni ephephile.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter