Amaphoyisa abophe abokufika ePhoyinti eThekwini

Kuboshwe abokufika endaweni yasePoyinti eThekwini njengoba amaphoyisa abematasa nomsebenzi wokuphoqelela umthetho ogxile kubantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi namuhla.

Kuvalwe inwqeaba yezitolo ngemuva kokuba abanikazi bazo betholakale besebenza ngaphandle kwezimvume ezifanele okanye besezweni ngokungemthetho.

Amaphoyisa asebenzisane noMnyango wezaseKhaya ngesikhathi eqhuba lo msebenzi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owokufika ngokutholakala nezidakamizwa zika-R10 million eThekwini

Kuphinde kwaboshwa abantu ngenxa yokutholakala nezidakamizwa.

Lena imisebenzi ejwayelekile eyenziwa ngamaphoyisa ngezikhathi ezithile ukuze kuqedwe izakhamuzi zakwamanye amazwe ezingenazo izincwadi esifundazweni saKwaZulu-Natal, nokuyilapho amaphoyisa kaMasipala ephoqelela imithetho kamasipala kanye neminye imithetho.

Lo ngumsebenzi otshengisa ukuthi amaphoyisa aKwaZulu-Natal akulungele ukudala indawo ephephile yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuze zisebenzise ilungelo lazo lentando yeningi lokwenza imashi enokuthula ngomhlaka-30 June 2026.

IZITHOMBE: