
UMnyango wezeMfundo eGauteng usuqale uphenyo ngothishanhloko osolwa ngokusebenzisa induku kubafundi esikoleni iMadisong High School, eHammanskraal.
Ngokusho komnyango kunabafundi abakhale ngalo thishanhloko.
Okhulumela amaphoyisa uSteve Mabona uthe,”Omunye kusolwa ukuthi washaywa ngoFebruary. Omunye umfundi wabika ngezinhlungu esandleni okusolwa ukuthi wazithola ngemuva kokushaywa ngokubikhona ohlelweni lokufunda ngeholidi.”
OLUNYE UDABA: Owezemfundo uluthathela phezulu elothisha osolwa ngokufundisa abafundi umkhuba
Abazali belulekwe ukuthi bavule amacala.
Uthishanhloko uzobika ehhovisi lesifunda ngesikhathi kusalindwe umphumela wophenyo, kusho uMnyango.
“Abafundi kanye namalungu omphakathi bayakhuthazwa ukuthi babike ngamacala okuhlukumeza ngokusebenzisa imigudu eyahlukene yezokuxhumana namahhovisi esifunda aseduze nabo.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMatome Chiloane uthe: “Sisamile ekuzibophezeleni kwethu ngokuqinisekisa ukuthi izikole zinezindawo eziphephile zabo bonke abafundi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit
