
Uhulumeni waKwaZulu-Natali, ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMbali Shinga, wethule ngokusemthethweni isikhangiso sokuxhaswa ngemali kwezinhlangano ezingenzi nzuzo ngokuhambisana neNqubomgomo yokuXhaswa kweziMali yoMkhakha, eNto’s Boutique Hotel, eLa Lucia, ngoLwesine.
Ukwethulwa kwalesi sikhangiso kuhlose ukuletha ushintsho ohlelweni lokuxhasa ngezimali izinhlangano ezingenzi nzuzo nokuqinisa ukulethwa kwezinsizakalo zezenhlalakahle esifundazweni sonke.
OLUNYE UDABA: Inqwaba yezipaza esalinde amalayisense okusebenza
UNgqongqoshe uShinga umemezele ukuthi isikhangiso siqala ukusebenza kusukela ngomhlaka-21 May kuze kube wumhlaka-30 June 2026 ngezithuba zabo-16:00, nokuyisikhathi sokufaka izicelo zokuxhaswa ngemali kuzinhlangano ezingenzi nzuzo.
UNgqongqoshe uShinga uthi lesi sinyathelo esithathwa ngumnyango sihlose ukubuyisela ubulungiswa, konke kuhlale obala, ukuzibophezela kanye nokwethenjwa komphakathi ekwabiweni kwezinsiza zikahulumeni.
“UMnyango uthatha isinyathelo esiqinile sokuqalisa ngokugcwele iNqubomgomo Yokuxhaswa Kwezimali Yomkhakha phecelezi, Sector Funding Policy, eyaba yimpoqo kuzwelonke ngo-2022.”
Umnyango okwamanje unika izinhlangano ezingenzi nzuzo ezilinganiselwe kwezingu-1 300 esifundazweni imali engaphezu kuka-R800 million ngonyaka ukuhlinzeka ngezinsizakalo zenhlalakahle kanye nentuthuko yomphakathi.
Amafomu ayatholakala ngesiNgisi nangesiZulu futhi labo abafaka izicelo kumele baqinisekise ukuthi bayahambisana nazo zonke izigaba.
