Owezemfundo uluthathela phezulu elothisha osolwa ngokufundisa abafundi umkhuba

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi i-HOD(inhloko yomnyango) izothatha isinqumo maduze ngothisha wesikole saseWestville osolwa ngokuthumela imiqhafazo yokungcola kumfundi wakhe wakwa-Grade 7.

Okhulumela umnyango, uMuzi Mahlambi, ukuqinisekisile ukuthi lo thisha phambilini wasuswa kwesinye isikole ngezinsolo ezifanayo zokucijisa abafundi ngomkhuba.

“ Siluthathela phezulu lolu daba. Senze iziphakamis kwinhloko yomnyango mayelana nesikutholile.”

Kukholakala ukuthi kulolu daba laseWestville, umama wengane eneminyaka engu-12 ubudala nguye owahlaba umkhosi ngemuva kokubona ushintsho ekuziphatheni kwendodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngothisha osolwa ngokucijisa abafundi ngomjolo nocansi eWestville

Kuthe ngokuhaba kwesikhathi wathola imiqhafazo engalungile ocingweni lwengane.

Iziphathimandla zasePitlochry Primary School zithi ziqale ukulusukumela lolu daba ngesikhathi selubikwe kuzo.

NgoLwesibili ekuseni abazali bebemi ngaphandle kwesango lesikole ebelikhiyiwe befuna izimpendulo nokuthi lo thisha amiswe emsebenzini ngokushesha.

Omunye umzali, uSundiep Seeban, uthi unethemba lokuthi umnyango uzothatha isinyathelo ngokushesha kulolu daba, ikakhulukazi ukuvikela isisulu.

Ikhansela lendawo, u-Alicia Ramikisoon, elibiziwe ukuze lizosiza kulesi simo, likhulume nothishanhloko ngasese.

Leli khansela libe selibuyela kubazali libabikela ukuthi uthisha ususiwe esikhundleni sakhe.

“ Isekela likathishanhloko lihlele kabusha i-timetable lo thisha wayobekwa e-admin blockukuze angabonani nabafundi kuze kube kuphothulwa uphenyo.

“Kumele sonke sivumelane ukuthi umthetho udlale indawo yawo, ngakho-ke ngesengikuzwile ususiwe.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *