IMeya inxuse ukuba kwamukele bonke abokufika abaqinisekiswe njengabahlali abasemthethweni emphakathini

UMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal wenze inqubo yokuqinisekisa abafuduki abangu-457.

Kulesi sibalo, babili kuphela okutholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Lokhu kungemuva kokuba iqembu labantu bakwamanye amazwe eThekwini lithuthelwe endaweni yokukhosela ngemuva kokufuna ukuvikelwa emaqenjini alwa nabafuduki.

UCyril Mncwabe, ongumphathi wolo mnyango eKZN uthe: “Siqinisekise abantu ababalelwa ku-457 namuhla, babili kuphela okutholakale ukuthi basezweni ngokungemthetho.

OLUNYE UDABA: IMeya yeTheku ibenomhlanga nabaholi beMarch and March ngolwabokufika

“Owokuqala utholakale enemvume engumgunyathi. Sisebenzisana nalowo muntu ngomthetho we-Immigration Act kanti futhi inqubo sesiyivalile.”

UMncwabe uthe umuntu wesibili uthole incwadi yokwenqatshwa.

“Ukuthola incwadi ephikisa isicelo sakho semvume, kusho ukuthi akumele engabe useNingizimu Afrika, kufanele uthole indlela yokuphuma ezweni.”

Bobabili baboshiwe.

IMeya yeTheku, uCyril Xaba inxuse imiphakathi ukuthi yamukele labo abaqinisekisiwe njengabahlali abasemthethweni emphakathini.

Khonamanjalo, amaphoyisa aseThekwini aphenya ngezinsolo zokuthi kunabantu bakwamanye amazwe abahlaseliwe baphinde besatshiswa eDiakonia Centre.

eNCA