
Umculi weGqomu, uBabes Wodumo uzibize “ngesikhokho” kwivideo eke yazungeza ezinkundleni zokuxhumana.
Engxoxweni abe nayo uBabes Wodumo ukwenze kwacaca ukuthi, ngokubona kwakhe, lufishane kakhulu uhlu lwabaculi abangancintisana naye emhlabeni.
OLUNYE UDABA: Athengwa ubuthaphuthaphu amathikithi omcimbi wezintombi nto ozobanjwa ngenyanga ezayo
Ebuzwa ukuthi yibaphi abaculi angathanda ukucula nabo uphendule ngokungananazi, wathi, “uBeyonce noTyla. Kuphela.”
Isizathu sakhe naso besiqondile. “UBeyonce ufana nami; unenkani. NoTyla naye. Angicabangi ukuthi abanye banganginqoba. Ngingumculi ohamba phambili, kusukela ekudanseni kuya ekuculeni. Ngakho-ke, akekho kulaba abanye onganginqoba,” kusho yena kulesi siqeshana.
UBabes Wodumo waduma kakhulu ngengoma yakhe ayikhipha ngo-2016, ethi Wololo, ayeyicula noMampintsha, nokuyingoma eyaba nelikhulu isasasa ezweni nakwamanye amazwe.
IVIDEO:
South African Award Winning Queen of Gqom “Babes Wodumo” says she would love to collaborate with Beyoncé & TYLA. pic.twitter.com/4MHDrhl5sm
— keepingupwithTYLA (@Tyla_Tygrs) May 19, 2026
