Athengwa ubuthaphuthaphu amathikithi omcimbi wezintombi nto ozobanjwa ngenyanga ezayo

Ukhuza ibuya umcimbi omkhulu nohanjelwa kakhulu ngamatshitshi eThekwini, owaziwa ngokuthi Amatshiwelele Festival.

Umsunguli weMatshiwelele nokuwumcimbi ohlelelwe izintombi nto uZamambo Mkhize ngokubambisana noLindani “Papa G” Gumede bathi nakulo nyaka uzobanjelwa enkundleni yezemdlalo iCurries Fountain.

Kwisithangami sabezindaba ebesibizwe ngabasunguli bomcimbi kuqinisekiswe ukuthi ezokuphepha zizobe ziqine kakhulu ngosuku lomcimbi.

OLUNYE UDABA: OwezamaCiko wethule ngokusemthethweni izinhlelo zawo zesikhathi samaholidi

UGumede uthi abaculi abaningi babuyile kwaphinde kwafakwa nabasha ababecelwe yizintombi wathi labo abangekho yingoba abazange benze iqiniso ngonyaka owedlule.

Konke okwenziwa ngonyaka owedlula nakulokhu kuzokwenziwa okfaka phakathi icamp yasebsuku, kusho uGumede.

Kulo nyaka kunxuswa ukuba wonke umuntu agqoke umbala omhlophe.

Amathikithi abiza ngokwehlukana kwezigaba zawo: Early Bird Amatshitshi: R 100 pp

Amatshitshi: R 150 pp

Early Bird General Admission: R 150 pp

General Admission: R 200 pp

Early Bird VIP: R 700 pp

VIP: R 1 000 pp

Umcimbi uzokuba ngomhlaka-7 March 2026 eCurries Fontein. Amasango aqala ukuvulwa ngo-07:00 kanti umcimbi uhlelelwe ukuqala kusuka ngo-08:00 ekuseni kuya ku-17:00 ntambama.

Uhlu lwabaculi abazonandisa:

Mthandeni SK, Babes Wodumo, Khuzani, Big Nuz, Dankie Boy, Natsha K, Ntencane, Saliwa, Jaiva Zimnike, Ali Mgube, Omathwala, Qwabe Tiwns, Skweletu, Ayarhkay, Lungelo Hlongwane, Best A, DJ Kotini, Shenge Wasehlalankosi, Thandeka Radebe, Mjabulisi, Ama Yellow Bone, Zamambo, Navigator, Thokozani Langa, Maganga, Limit, Gandaganda, DJ Mngadi, DJ Boonu, Sminofu, Feza, Mayoghhurt, Sizwe Mdlalose, Shuni Wasemzini, Mjolisi