

INkantolo yeSifunda eLadysmith igwebe uMichael Buthelezi, 48, odilikajele abane neminyaka engu-15 ngemuva kokulahlwa ngamacala amane okubulala, elokushisa namabili okuphazamisa ukusebenza komthetho.
Amacala asukela esigamekweni esenzeka ngo-October 2023 eBethany, eBergville.
UButhelezi wayeyikhansela le-Democratic Alliance (DA) ngaleso sikhathi.
Ngomhlaka-29 October 2023 ngezithuba zabo-02:00 ezintatha kwaqubuka umlilo endlini enamagumbi amabili lapho okwakuhlala khona uButhelezi nengoduso yakhe, uKhombisile Khoza nezingane ezincane ezintatha eziphakathi kweminyaka emibili kuya kweyishumi ubudala.
Umndeni wavaleleka emlilweni kwaze kwafika umuntu thizeni wakhahlela isicabha. Ingoduso engeyakwaKhoza yashona lapho nezingane ezimbili eneminyaka emibili eneminyaka eyishumi ubudala.
UButhelezi wakwazi ukuphuma nengane eneminyaka eyishumi bubdala kodwa yagcina ishonele esibhedlela. UButhelezi wagcinwa welashwa naye ngoba wayelimele.
UButhelezi waqamba amanga emaphoyiseni izikhawu ezimbili. Amaphoyisa aphenya kabanzi athola ukuthi izitatimende zakhe zazingamanga wabe eseboshwa.
UMshushisi woMbuso u-Adv. Shika Siverpersad ubize ofakazi abangu-11 okubalwa kubona abantu abafika kuqala esigamekweni. Kufakaze nabezimo eziphuthumayo.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kolahlwe ngecala lokudlwengula
Ngokwesitatimende se-NPA, kufakaze nesihlobo ziveze ukuthi uButhelezi ubenobudlelwano obungebuhle nengoduso yakhe futhi wayesanda kuyisongela ngokuyishisa ayibulale.
UMshushisi uSiverpersad wethule isitatimende esibhalwe wumkhwe wakhe eluswe wuKhulekani Professor Mthembu. Esitatimendeni uyise wengoduso eyashona, uthe umndeni uhlukumezeke kakhulu ngenxa yalesi sigameko. Uthe simdalele izinkinga zezempilo.
UButhelezi ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye kwamane okubulala, iminyaka emihlanu ngelokushisa, iminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamabili okuphazamisa ukusebenza komthetho. Uzodonsa udilikajele kanti inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-NPA iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo futhi leli cala liveza ukuzimisela kwethu ngokulwa nodlame lobulili namanye amacala abucayi. Sincoma abashushisi namaphoyisa ngomsebenzi omuhle sinethemba lokuthi imindeni izothobeka amanxeba.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
