Balinganiselwa ku-12 000 abasolwa ababoshelwe amacala ahlukene ngoFebruary 2026 eKZN

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abangu-11 757 ngamacala obugebengu ahlukene ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi we-Operation Shanela kuhlangene nemisebenzi yamaphoyisa yansuku zonke ngenyanga kaFebruary 2026.

Amaphoyisa aphinde athola izibhamu ezingu-278 nezinhlamvu zezibhamu eziyizinhlobo ezahlukene ezingu-3 824.

Bangu-3 568 abasolwa ababoshelwe ubugebengu obahlukene okubalwa kubo amacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukuphanga nobunye kanti yibo obunesibalo esiphezulu

Ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kuholele ekutheni kuboshwe abasolwa abangu-208 ngamacala okudslwengula, abangu-16 ngawokuzama ukudlwengula, abangu-46 ngawokunukueza ngokocansi.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uzokhipha izibalo zobugebengu zekota

Kuboshwe abantu abangu-312 ngokwephula uMthetho woDlame lwaseKhaya, kwaboshwa abasolwa abangu-1 655 ngokuhlukumeza ngenhloso yokulimaza umzimba, kanti abasolwa abangu-902 baboshwa ngokuhlukumeza okujwayelekile.

Emizamweni yabo ehlangene yokufeza umsebenzi wabo wokuvikela impahla yezakhamuzi zaKwaZulu-Natal, amaphoyisa abopha abasolwa abangu-214 ngokugqekeza ezindaweni zokuhlala kanti abasolwa abangu-78 baboshwe ngokugqekeza amabhizinisi.

Kuboshwe abasolwa abangu-52 ngamacala okweba imfuyo, kutholakale izinkomo ezingu-24 nezimbuzi ezingu-52 okusolwa ukuthi bezebiwe. Kutholakale nenyama engama-4010 gram okusolwa ukuthi ngeyezinkomo ezebiwe.

Kuboshwe abasolwa abangu-1 704 ngamacala ahlobene nawezidakamizwa, abashayeli abangu-742 ngokushayela becwile ezinkambini zikaFaro okanye bedle izidakamizwa, kwaboshjwa nabantu abangu-165 ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthwthweni.

Iningi labantu liboshwa ngokubambisana namalungu omphakathi. Amaphoyisa anxusa izakhamuzi ezithobela umthetho ukuthi ziqhubeke nokubanikeza ulwazi olunembayo kanye nemibiko emayelana nezigebengu ezesabisa imiphakathi.