Uhulumeni uphenya ngokuqashwa kwamadoda aseNingizimu Afrika empini yase-Ukraine

Uhulumeni uthi uthole inqwaba yezingcingo ezivela emadodeni angu-17 aseNingizimu Afrika avaleleke esifundeni sase-Ukraine i-Donbas, lapho kunempi khona.

Angu-16 amadoda avaleleke kule ndawo enezinxushunxushu avela KwaZulu-Natal kanti eyodwa ngeyase-Eastern Cape.

UVincent Magwenya weHhovisi likaMongameli uthi bonke bacela ukuba babuyele ekhaya.

Uthi leli qembu, elineminyaka ephakathi kwengu-20 nengu-39 ubudala, lithi lakhohliswa ngokujoyina amabutho aqashwe empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine ngemuva kokuthenjiswa izinkontileka zemisebenzi enenzuzo enkulu.

UMagwenya uthi akukho emthethweni ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zinikeze usizo lwezempi kohulumeni bangaphandle ngaphandle kwemvume.

OLUNYE UDABA: UZelensky unqamule uhambo lwaseNingizimu Afrika kulandela ukuhlasela okwenzekile eKyiv

“Ngaphansi komthetho, iForeign Military Assistance Act of 1998, akukho semthethweni ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika nezinhlangano zinikeze usizo lwezempi kohulumeni bangaphandle ngaphandle kokugunyazwa wuhulumeni waseNingizimu Afrika.

“UMengameli uCyril Ramaphosa ukhiphe umyalelo wokuba kwenziwe uphenyo ngezimo eziholele ekuqashweni kwala madoda.

“UMengameli uRamaphosa kanye nohulumeni waseNingizimu Afrika bagxeka kakhulu ukuxhashazwa kwabantu abasebasha nabasengozini ngabantu abasebenza nezinhlangano zamasosha zakwamanye amazwe.”

Newswatch