Iningi lamalungu e-EFF eKZN elangena engozini seliphumile esibhedlela

I-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal ithi iningi lamalungu ayo abelaliswe esibhedlela kulandela ingozi yebhasi eyenzeke ku-R34 phakathi koLundi neVryheid ngoMsombuluko ebusuku.

Ibhasi belithwele abalandeli be-EFF abebehambele umhlangano kazwelonke woSuku lweNtsha eThekwini.

Kusolakala ukuthi iloli ebeliqhamuka kwelinye icala lishayisa ibhasi ohlangothini, layidabula.

OLUNYE UDABA: Indida ngokuholele engozini yebhasi eVryheid

Le ngozi idlule nemiphefumulo yabantu abayishumi.

UNobhala we-EFF esifundazweni uVukani Ndlovu uthe bambalwa abasasesibhedlela okulindeleke ukuthi nabo baphume namuhla.

UNdlovu uthi, “Ngicabanga ukuthi bathathu kuphela nomshayeli webhasi, ngakho bawu-4 sebebonke, kodwa nabo basemoyeni omuhle, kusasa nabo bazophuma. Balinde ukuphinde bahlolwe kanti futhi angicabangi ukuthi kukhona okumele sikhathazeke ngakho. Ngicabanga ukuthi lowo umbiko esiwuthole ngaphakathi. Sike sawabheka, ngicabanga ukuthi bakahle.”

ithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)