SASSA-Kuzobambezeleka izibonelelo zabangaphezu kuka-200 000

Inhlangano iSouth African Social Security Agency (Sassa) isikuqinisekisile ukuthi bangaphezu kuka-200 000 abantu abahola izibonelelo zikahulumeni okulindeleke ukuba bambezeleke ekutholeni izibonelelo zabo zanyanga zonke.

Kulindeleke ukuthi abakwaSassa bakhiphe izinkokhelo zikaJune kwabahola izibonelelo ngokugcwele ngesonto elizayo.

Le nhlangano isithe ngokubambisana namaCredit Bureaus abhalisiwe, isihlonze abantu ababalelwa ku-210 000 abahola izibonelelo zikahulumeni okubukeka sengathi kunenye imali abayitholayo engadaluliwe ngkweqiniso esikhungweni.

OLUNYE UDABA: Abakwa-SASSA baxwayisa ngokubambezeleka okungenzeka emholweni kule nyanga

Okhulumela abakwaSassa, uPaseka Letsatsi, ngokuhambisana noMthetho Wosizo Lwezenhlalakahle nemithetho yawo, abahola isibonelelo kufanele ngokomthetho badalule ngokuphelele yonke imithombo yemali ngesikhathi befaka isicelo sokuqala.

ULetsatsi uthe abahola isibonelelo nabo baphoqelekile ukuthi babazise abakwaSassa uma sekukhona izinguquko esimeni sabo sezimali ngemuva kokuba kuvunywe isicelo sabo.

“Ukwehluleka ukuthobela lezi zidingo kusho ukwephulwa komthetho futhi kungaholela esinyathelweni sokuqondiswa.

“Njengengxenye yalolu hlelo, ukukhokhelwa kwezibonelelo zikahulumeni kwabathintekayo kuzobambezeleka ngesikhathi sokuhola kuJune 2025. La bantu kulindeleke ukuthi bazethule emahhovisi aseduze nabo akwaSassa ukuze kubuyekezwe isibonelelo sikahulumeni zingakapheli izinsuku ezingu-30 kusukela osukwini lwesaziso, ngokuhambisana nomthetho, iRegulation 30 of the Social Assistance Act,” kusho uLetsatsi.

ULetsatsi wengeze ngokuthi abahola isibonelelo sikahulumeni abahluleka ukulandela lolu hlelo basengcupheni yokuba kumiswe izibonelelo zabo.

The Citizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit