
Inhlangano iSouth African Social Security Agency (SASSA) ixwayisa ngokubambezeleka kokukhokhelwa kwabanye abantu abahola isibonelelo sikahulumeni ngoMay.
Le nhlangano ithi yenza ukuqinisekiswa kobunikazi kanye nokubuyekezwa kokufaneleka ezweni lonke.
Okhulumela iKwaZulu-Natal, uSandy Godlwana, uthe kuhloswe ngakho ukuhlolisisa nokulungisa amaphutha ohlelweni.
Uthi bazobe bebuyekeza imininingwane yomuntu siqu yabahlomulayo futhi baqinisekise noma yiziphi izinguquko kulwazi lwabo lwezezimali.
OLUNYE UDABA: Postbank: Amakhadi egolide akwa-SASSA azoqhubeka asebenze nangale komhlaka-31 May
Njengoba ukukhokhwa kwemali yesibonelelo sikahulumeni kulindeleke ukuthi kuqale ngoLwesibili, uGodlwana unxuse abahola isibonelelo sikahulumeni abathintwe yile nhlangano ukuthi bavakashele emahhovisi akwaSASSA aseduze nabo.
“Kunamakhasimende ajwayele ukufaka izicelo kwa-SASSA, uthole ukuthi awanawo umazisi. Sisebenzisa umazisi wetoho, sisebenzisa inombolo ethi quad seven, kodwa isebenza izinyanga ezintathu kuphela, okusho ukuthi uma sekuphele izinyanga ezintathu ungabuyi nomazisi wakwaHome Affairs, kuyobe sekuthiwa umisiwe.
“Eqinisweni, simane sidinga izinombolo zabo zikamazisi. Ngokujwayelekile, amakhasimende kufanele aziswe. Siwabhalela izincwadi, kodwa siyazi ukuthi kwenzekani. Angase angazitholi lezo zincwadi.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
