Libuyela enkantolo elokubulala uSenzo Meyiwa

Icala lokubulala uSenzo Meyiwa liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Ummeli omusha kaMuzi Sibiya kumele atshele inkantolo ukuthi ukulungele yini ukuphonsa imibuzo umphenyi oholayo, uBongani Gininda.

U-Advocate Charles Mnisi uqale watshela inkantolo ukuthi akakakulungeli, okuholele ekutheni kuhlehliswe izinyanga ezimbili.

OLUNYE UDABA: Liphinde lahlehla elikaMeyiwa

Kodwa ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, uthe ubengakakulungeli waze wasabisa ngokuthi uzolishiya icala.

UMnisi uthathe izintambo zokuba ngummeli kaSibiya ngemuva kokushona kommeli wakhe, u-Advocate Thulani Mngomezulu.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit