
Esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi likaMengameli izolo, uMengameli Cyril Ramaphosa uthe ukuhlehliswa kwalokhu kuwumphumela wokungaboni ngaso linye kodwa nokuvumelana okuvuthwe ngaphakathi kweKhabhinethi kokuthi iziphakamiso zeSabelomali zisetshenzwe ngokucophelela nangempumelelo ukuze kuvikeleke impilo yomnotho nesakhamuzi ngasinye.
I-DAIthi isinqumo esithathwe ngomzuzu wokugcina sibangelwe wukwehluleka kukaNgqongqoshe wezeziMali ukubheka ezinye iziphakamiso ezethulwe yiDA, ngemuva kokuthi leli qembu liluchithile uhlelo lokunyusa iVAT ngo-2%. Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uthi kukhombisa ngokusobala ukuthi alikho iqembu elingagaya noma yini eliyifunayo
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
