I-EU ithembisa ukweseka ubumongameli be-SA G20

Ungqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana uRonald Lamola uthi iMelika ayidube ngokuphelele iNgqungquthela ye-G20 eNingizimu Afrika, futhi izomelwa ngasekupheleni kwalo nyaka.

Uthi izwe nalo lizomelwa ezingeni eliphezulu kakhulu njengengxenye yomhlangano wokuqala woNgqongqoshe Bezezimali be-G20 kanye nabaPhathi Bamabhange Amaphakathi eKapa ngesonto elizayo.

ULamola ubekhuluma ngemuva kweseshini yesi-16 ye-European Union – South Africa Ministerial Political Dialogue. I-EU isiphinde yagcizelela ukweseka kwayo iNingizimu Afrika kanye nobudlelwano obuqhubekayo ngamasu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)