Kushone owesilisa engozini yemoto eBluff

Kushone indoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-50 ubudala engozini yemoto eyenzeke ku-Edwin Swales Drive eduze nase-BP Garage eBluff, eNingizimu yeTheku.

Ngemuva kwezithuba zabo-07:15 abosizo lokuqala, i-ALS Paramedics baphuthume endaweni bafica imoto ishayise isihlahla.

OLUNYE UDABA: Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth

Abosizo lokuqala bafice umshayeli esekhishiwe emotweni, babe sebemhlola, ngeshwa ubesengasatshengisi zimpawu zokuphila wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko. Abekho abanye abantu abathole ukulimala.

Okwamanje imbangela eholele kule ngozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa akhona endaweni yesigameko ukuqhuba uphenyo.