Unogada usolwa ngokufaka owesifazane ingqindi kwaphuma izinyo legolide eNtuzuma

Owesifazane ogama lakhe nguNomfundo Muthwa usasezinhlungwini ngemuva kwezinsolo zokulunywa ngunogada emtholampilo eNtuzuma G, eThekwini, KwaZulu-Natal.

Lo nogada kusolwa ukuthi ushaye uMuthwa ngesibhakela, emphinda Kabili kwaphuma izinyo legolide kwathi elinye laxega.

UMuthwa oneminyaka engu-23 ubudala waseNtuzuma enyakatho yeTheku utshele iDaily Sun ukuthi ubehambise indodakazi yakhe eneminyaka emithathu ubudala emtholampilo futhi usola ukuthi lo nogada ubelokhu enenkinga naye selokhu efikile.

OLUNYE UDABA: Umndeni womfana oguliswe ukudla ama-snacks athengwa espaza uvule icala

“Ngifike emtholampilo ngangena ngesango lezimoto, lo nogada wangibuka, kuthe sengihlezi phansi wangitshela ukuthi angiqale phansi ngiyongena ngesango lokungena abantu abahamba ngezinyawo ngoba angisiyo imoto. Ngibe senginqaba,” kusho uMuthwa.

Uthi ubese hlale isikhathi eside phanse.

“Bekunequlu labantu besifazane elifike kuqala kunami emtholampilo ebelikhala ngokuthi kade lifikile kodwa onesi abenzi luthi kwase kuqubuka umsindo phakathi konesi neziguli.

“Ngibe sengikhipha iselula yami ngenza ivideo ngiqopha isigameko. Lo nogada wangibamba, wangihlwitha iselula yami.” Usho njalo.

UMuthwa uthe lo nogada ube esemushaya ngengqindi kabili emlonyeni wopha igazi ngokushesha.

Uthi kwahlephuka izinyo lakhe elinye laxega. Izinyo legolide eliwu-T laphuma.

UMuthwa uthi kulandelaisigameko akekho kahle ufisa umthetho udlale indima yawo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNtokozo Maphisa uthe: “Sikhathazekile ngalezi zinsolo kanti futhi asizithathu kancane. Sixolisa kakhulu ngokuphatheka kwesiguli kulo mtholampilo.

“Singakuqinisekisa ukuthi abaphathi besifunda sezempilo eThekwini babambe umhlangano ngoLwesibili ngomhlaka-8 April nalesi siguli. Waqale wathola ukwelashwa njengoba wayebonakala elimele. Kulo mhlangano, kwakukhona nomnikazi wenkampani yonogada ezimele okuyiyo eqashe unogada obandakanyekayo kulolu daba.”

Uthe bafisa ukucacisa ukuthi isigameko asenzekanga ngemuva kokukhononda kwesiguli. Yize kunjalo, uma ngase kuphinde kwenzeke okufanayo, bakhuthaza iziguli ukuba zithinte abaphathi besikhungo sezempilo.

“Imibiko iveza ukuthi izinxushunxushu zisuswe yilabo abafike emtholampilo bephuze amanzi amponjwana emtholampilo, babe sebexabano nonogada. Nakube singek sikwazi ukuchaza kabanzi njengoba lolu daba selusezandleni zamaphoyisa. Singakuqinisekisa ukuthi kumiswe onogada abane emsebenzini njengoba kusaqhubeka uphenyo,” kusho uMaphisa.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshuiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokushaya kulandela isigameko lapho isizulu esineminyaka engu-23 ubudala kusolwa ukuthi sishaywe ngunogada wasemtholampilo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *