Kutholwe izidumbu zamadoda amathathu ngaphandle kwaseButterworth

Amaphoyisa ase-Eastern Cape athole izidumbu ezintathu zamadoda enamanxeba okudutshulwa endaeni yaseTholeni ngaphandle kwaseButterworth.

Okhulumela amaphoyisa uSiphokazi Mawisa uthi izidumbu ezintathu zamadoda, aneminyaka ephakathi kwengu-33 nengu-44 ubudala zithilwe ngamalungu omphakathi.

OLUNYE UDABA: Seluqalile uphenyo ngabatholwe beyizidumbu emotweni eshile eNanda

UMawisa uthi imbangela yokubulawa kwala madoda ayikacaci futhi bekungakaboshwa muntu.

“Imibiko yamaphoyisa iveza ukuthi la madoda amathathu atholwe yilungu lomphakathi elabikela amaphoyisa ngoLwesibili ekuseni, cishe ngezithuba zabo-06:45 ekuseni.

“Ngesikhathi efika amaphoyisa endaweni yesehlakalo, afica izidumbu ezintathu zinamanxe okudutshulwa kwisingenhla somzimba eduze nebhulohwe laseCunningham, eTholeni Location.

“Imbangela yokubulala ayicaci okwamanje kodwa iyingxenye yophenyo oluqhubekayo. Akukho kuboshwa muntu. Kuvulwe amacala amathathu okubulala ukuze kuphenywe.”

SABC