Utholakale ngokushesha umzimba wengane eyaminza emfuleni iphuma esikole

Umphakathi waseJozini ushaqekile kulandela ukushona komfana oneminyaka engu-14 ubudala.

USbonelo Magagu uminze ngesikhathi ezama ukuwela umfula endleleni ebuya esikoleni.

UMeya wesiFunda saseMkhanyakude uSiphile Mdaka uthi umfundi owenza u-grade 7 wayehamba nequlu lezingane ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoMsombuluko.

“Ngenxa yemvula enamandla esiyibonile esifundeni emasontweni ambalwa edlule, omunye wemifula endaweni wawusagcwele, uSibonelo wazama ukuwela umfula, babhajwa odakeni yena wemuka.”

OLUNYE UDABA: Kushone umfana, 5, ngemuva kokugwiliza e-swimming pool ekhaya ePMB

UMdaka uthi amaphoyisa abikelwa ngokushesha kanjalo nomzimba womfana watholakala ngalo lolo suku.

Uthi lesi sigameko sishiye umndeni nomphakathi ubuhlungu.

UMdaka uthi umasipala uyasiza ngamalungiselelo omngcwabo.

Okwamanje, unxuse izakhamuzi ukuthi zikugweme ukuwela imifula namadamu agcwele amanzi, ewengeza ngokuthi kunezinye izindlela ezikhona futhi eziphephile.

Newswatch