Owezempilo uqinisekisa ukuphenywa kwamanesi asolwa ngelenkohlakalo

UMnyango Wezempilo waKwaZulu-Natali uqinisekisa ukuthi uyazi ngodaba olubucayi olubandakanya abahlengikazi abathathu base-Appelsbosch Hospital, nokuwudaba oluphenywa yizikhungo zomthetho njengamanje.

UMnyango uthole isikhalazo esivela emndenini wakwaMbatha esithi abahlengikazi bathathe umshwalense wendodana yabo uNduduzo Mbatha osashona ngokungethetho, ngaphandle kwemvume nangokwazisa umndeni.

Umndeni usuvule icala ne-SAPS.

OLUNYE UDABA: Owezempilo ukhathazekile ngokwehla kwamazinga okugonywa kwezingane

Ngesikhathi bethola isikhalazo, abaphathi besibhedlela baxoxisana nabahlengikazi, abaziphika izinsolo.

Abahlengikazi bayalelwe ukuba bathumele izitatimende ezibhaliwe kodwa benqaba ukwenza kanjalo. Abahlengikazi bafaka isicelo sokusula emsebenzini amahora angama-24.

Ngokwesitatimende soMnyango wezeMpilo, ngenxa yobucayi bodaba, uMnyango udlulisele udaba kwi-Special Investigating Unit (SIU) ukuze yenze uphenyo oluphelele lwangaphakathi, kuthi amaphoyisa ophiko lwe-SAPS wona aphenye ngobugebengu.

UMnyango ubambisene ngokugcwele nazo zonke iziphathimandla kanti futhi angeke ukwazi ukukhuluma kabanzi ngodaba njengoba kusaqhubeka uphenyo.