Kubalwa nezingane kwabashone engozini e-KZN South Coast

Kushone abantu abayisishiyagalombili, okubalwa kubo izingane ezine engozini enyantisa igazi ogwini oluseningizimu KwaZulu-Natal

Amaphoyisa omgwaqo athi kushayisane iloli neveni ku-N2 obheke enyakatho, eduze komgwaqo ongaphandle kwase-Scottburgh, ngeSonto.

USindi Msimang we-Road Traffic Inspectorate uthi izingane zineminyaka ephakathi kwemibili nemine ubudala.

OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN

“Iveni belinabagibeli abayishumi, kwasinda ababili kuphela, kanti oyedwa usesimeni esibucayi esibhedlela.

“Sisazama ukuthola ukuthi bonke abashonile bahlobene noma mhlawumbe bangumndeni owodwa.”

Newswatch