IZITHOMBE: Kuhlengwe isikhova nelulwane eVerulam

Kuhlengwe isikhova esisesincane kulandela ukuthola ukulimala emzini osendaweni yaseMetcalf Park, oThongathi, eKZN, namuhla ngemuva kokutholakala ukuthi asikwazi ukundiza.

Onogada bakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) bajutshwe kule ndawo cishe ngezithuba zabo-18:15 ngemuva kokuba i-Operations Centre ithole ucingo oluvela kumuntu okhathazekile obike ngenyoni ekhona endaweni yakhe.

Abakwa-RUSA bafice, umnikazi womuzi, wabakhombisa lapho isikhova sihlezi khona, okuyiseduze nemoto yakhe ngasesangweni. Lesi sikhova sibonakale sengathi sithole ukulimala okusivimbela ukuba sindize.

Abakwa-Reaction Unit South Africa babe sebesiqubula bahamba naso isikhova beyosinika ukunekekela kwesikhashana kanti abesikhungu sezilwane i-Centre for Rehabilitation of Wildlife (CROW) kulindeleke ukuba basilande ukuze bezosilapha.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ifile inkomo eshayiswe yitekisi

Khonamanjalo, lihlengwe ngokuphephile ilulwane elincane endaweni yaseRiyadh, eVerulam, KwaZulu-Natal, namuhla, ngemuva kokuba isakhamuzi esikhathazekile sicele usizo.

Amalungu e-Reaction Unit South Africa (RUSA) aphuthume kule ndawo ngemuva kokuba umnikazi womuzi ebike ngokuthi uthole lesi silwane esincane silele phansi ngaphandle komuzi wakhe.

Lesi sakhamuzi sithe sikhathazekile ngokuthi amakati aso azosibulala uma sihlala kwaso.

Leli lulwane elithathwe ngokucophelela lizohanjiswa kwiziphathimandla zezilwane zasendle.

IZITHOMBE: