
INkantolo yeSifunda eThekwini igwebe indoda eneminyaka engu-38 ubudala udilikajele neminyaka engu-5 ngecala lokudlwengula nokunukubeza eyalenza ngoSeptember 2024 eMayville.
Izisulu zombili zazineminyaka engu-13 ubudala ngesikhathi sesigameko, ngaphezu kwalokho babazaba.
Isisulu sokuqala sasisempopmini siyokha amanzi ngesikhathi sihlangana nommangalelwa owayengumakhelwane. Umangalelwa wacela isisulu ukuthi simphelezele eyo-charger iselula yakhe kwenye indlu. Isisulu savuma sahamba naye, kwathi uma befika endlini ummangalelwa wamdudulela embhedeni wamdlwengula. Isisulu sazama ukumkhuza ummangalelwa emtshela ukuthi yena useyingane kodwa waqhubeka ummangalelwa. Isisulu asilubikanga udaba ngokushesha ngoba sasisaba ukuthi singase sithethiselwe ukuthi sasiyaphi nommangalewa.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabanjwa oqotsheni edlwengula indodakazi yakhe
Isisulu sesibili sasisekhaya ngesikhathi kufika ummangalelwa ezothatha ubhiya wakhe efrijini ngoba wayevame ukucela ukuthi bamfakele. Kuthe uma eqeda ukuthatha ubhiya, wathinta isisulu ngendlela engamukelekile wasiqabula. Isisulu saphuma siqhasha sama phandle samlinda ukuthi ahambe.
Ngaphambi kwalokho, ummangalelwa wake wasishela isisulu kodwa samchitha sibika ukuthi siseyingane sona. Kuthe uma kuvela lolu daba, kwase kuvela isisulu sokuqala naso sabika ukuthi sadlwengulwa.
Isisulu esadlwengulwa sahanjiswa esibhdlela sayotholelwa usizo ummangalelwa waboshwa.
UMshushisi uSphindile Precious Ntombela ubize ofakazi okuyizisulu, omama bazo, wabiza nodokotela owahlola izisulu safakaza. Umbuso wethule nezitatimende zezisulu ezazibhala iluswa nguNondumiso Nyembe oyi-Court Preparation Officer. Isisulu sokuqala sithe isigameko sisiphazamise kakhulu emoyeni nasemqondweni. Sithe sithwele kanzima esikoleni futhi isithombe sisadlala emqondweni waso kanti umama wesisulu yena uthe indodakazi yakhe isaba nokuhamba yodwa iya esikoleni kufanele iphelezelwe.
Esitatimendeni sakhe isisulu sesibili sihe sesiyazenyeza ngoba nontanga baso bayamgcona. Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula, iminyaka engu-5 ngecala lokunukubeza.
Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo ithe akafanelwe wukusebenza nezingane futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo, sizimisele ukulwela abagilwa bobugebengu bathole ubulungiswa.
