Abalimi besiFunda iLembe bazozuza lukhulu engqungqutheleni yezoLimo

Osukwini lokuqala lwe-6TH Urban Agri World Summit 2025 ebanjelwe eThe Capital Zimbali Ballito, KZN kuqhakambiswe ezobuchwepheshe kwakhuthazwa nentsha ukuba ingene emkhakheni wezolimo futhi ingasheshi iphele amandla ukuhambela ingqungquthela ezifana nalezi ukuze izokwazi ukuncela ulwazi, ihlomule nasezintweni eziningi zolimo.

UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uThembeni Madlopha-Mthethwa, ushayele ihlombe bonke omasipala abangaphansi kweLembe ngomsebenzi omuhle abawenzayo, wabe esekhuthaza bonke abalimi abangabahlali baseLembe ukuba babe yingxenye yezolimi bangagcini ngokulima nje, kodwa bakwazi nabo ukufaka isandla ekukhuliseni umnotho ngokudala amathuba emsebenzi.

USihlalo we-Enterprise iLembe, uNkosenhle Mngadi yena uphakamise ukuba abantu mabangahlali balinde ukuqashwa izinkampani ebe ekhona amathuma afana nalawa, bakwazi ukuziphilisa.

OLUNYE UDABA: Kube yinjabulo yodwa iDolobha lethula umkhankaso walo wesizini yehlobo

IMeya kaMasipala wesiFunda ILembe uThobani Shandu yona, ithe inhloso yengqungquthela ukwabelana ngolwazi emkhakheni wezoLimo, yabe isigcizelela nangokubaluleka kokuhlanganisa ezolimo ezinhlelweni zasemadolobheni nokusebenzisa izindlela ezintsha zokukhiqiza ukudla kulesi simo sokuguquguquka kwesimo sezulu.

IMeya uShandu iveze nokuthi Amakhosi awanankinga nomhlaba inqubo nje, uma kuzothuthuka izindawo zawo, kudaleke amathuba emsebenzi kuqede bobubha kuzo.

Le ngqungquthela ibihanjelwe yizikhulu ezahlukene ezivela emikhakheni eyahlukene okubalwa kuyo abaphuma eHhovisi likaMengameli wezwe, ongqongqoshe besifundazwe iKwaZulu-Natal, iziMeya zesifunda, amalungu eBhodi, izikhulu eziphezulu zikahulumeni, abalimi, abaholi bendabuko, ososayensi bokudla nezinye izinhlaka, kanjalo nabantu abaphuma emazweni angaphandle okubalwa kuwo i-Australia, Ireland naseNigeria ukuzofundisa ngobuchwepheshe obusha bokulima emadolobheni.

Le ngqungquthela iyizinsuku ezintathu, kusukela namuhla 22 October kuze kube wumhlaka-24 October 2025.