Kushone oyedwa engozini yeloli eSipingo

Kushone umuntu engozini ebandakanya iloli emgwaqeni u-R102 eSipingo, eningizimu yeTheku.

Kubikwa ukuthi kunezinye izimoto ezimbili ezibandakanyeke kule ngozi.

Owosizo lokuqala i-ALS uGarrith Jamieson uthe kulimale nomunye umuntu kanti usesimweni esibucayi.

OLUNYE UDABA: Usavaliwe umgwaqo u- R21 North kulandela enyantisa igazi eGoli

“Abosizo lokuqala be-ALS babizelwe ukuzotakula umuntu olimale kule Ngozi ngaphambi kokusiphuthumisa esibhedlela i-Ahmed Al-Kadi Private Hospital ukuze sithole usizo oluphuthumayo oludingayo.

“Umgwaqo usavaliwe ukuze kuhlale indiza enophephela emhlane, esaphansi njengamanje, kanti futhi isazolokhu ivaliwe ukunikeza iziphathimandla ezidingekayo sokusebenza kule ndawo okwenzeke kuyo isigameko nokwenza uphenyo.

INewswatch ithi kululekwe abashayeli bezimoto ukuba bahambe ngeminya imigwaqo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

One thought on “Kushone oyedwa engozini yeloli eSipingo

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *