UHlabisa umemezele u-R1.4bn wokusiza izifundazwe ezikhanyezwe yizikhukhula

UNqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uVelenkosini Hlabisa, usememezele imali engaphezu kuka-R1.4 billion yokusiza ezinhlekeleleni ezifundazweni ezikhahlanyezwe yizikhukhula.

Uthi lesi sabelo sihlanganisa omasipala abangu-60 baKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga naseLimpopo.

Ungqongqoshe utshele isithangami sabezindaba ngoMsombuluko ukuthi lezi zimali zikhokhiwe phakathi kwenyanga edlule nale nyanga.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseKZN uthole indawo yokwakha izindlu zemindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula

“Le mali kuhloswe ngayo ukuletha usizo ngokushesha futhi ivumele omasipala ukuthi baqale kabusha umonakalo owacekelwa phansi yizikhukhula eminyakeni edlule,” usho kanje.

UHlabisa uthe umasipala waseMpendle naseMajuba bathole ingxenye enkulu yale mali.

“UMasipala waseMsinga uthole u-R4 8 million, iMajuba yathola u-R8 million, iJozini yathola u-R4 8 million. IMpendle yathola u-R15.5, uMngeni wathola u-R5.9 million, uMsunduzi wathola u-R6.6 million.

Iminyango kahulumeni KwaZulu-Natal ekhahlanyezwe yizinhlekelele ithole isamba semali esingu-R44 million wokusiza umphakathi.

“UMnyango wezeMfundo uthole u-R15 million, ezoLimo uthole u-R10 million, imigwaqo u-R19 million,” kusho uHlabisa.

NEWSWATCH

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *