I-DA eKZN ibuza isisusa ngesinqumo se-NFP

I-Democratic Alliance KwaZulu-Natal (DA KZN) ithi iyasihlonipha isinqumo se-NFP sokuhoxa kuHulumeni Wobumbano Lwesifundazwe (GPU) e-KZN kanti futhi iyazibuza ukuthi sisukaphi lesi sinqumo.

Ithi kubuhlungu ukuthi i-NFP ithathe lesi sinqumo kanti siphoqa ukuthi oyimele, uMbali Shinga, akhishwe eSishayamthetho saKwaZulu-Natal kanye nasesikhundleni sobuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi.

OLUNYE UDABA: I-DA isamukele isinqumo seSishayamthetho sokunqaba isiphakamiso se-MKP

I-DA ithole ukuthi uNgqongqoshe uShinga ungomunye wamalungu asebenza kahle kakhulu esigungwini sesifundazwe. Isizathu sisalokhu singabazeka njengoba singekho mayelana nokwehluleka kwakhe kokulethwa kwezidingo zomphakathi.

I-DA iphethe ngelokuthi yona njengelungu le-GPU, i-DA isalokhu izibophezele kubantu besifundazwe sase-KZN futhi izoqhubeka nokuxhumana namaqembu acabanga njengayo okubalwa kuwo ne-NFP ukuqinisekisa ukuthi kukhona ukuzinza KwaZulu-Natal.