
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube uzomemezela imiphumela kamatikuletsheni wonyaka ka-2025 ngoMsombuluko kusihlwa.
UNgqongqoshe kanye neSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uReginah Mhaule, bazomemezela nabafundi abenze kahle kakhulu kanye nemiphumela yezifundazwe.
OLUNYE UDABA: Ukuputshuka kwamaphepha ezivivinyo kuphakamisa ukukhathazeka ngezinga lokuphepha kowezemfundo
IFree State inethemba lokuhlala phezulu unyaka wesikhombisa ilandelana.
Ezinye izifundazwe zinethemba lokuthi zizoyisusa phezulu.
Abanye abafundi baka-grade 12 ka-2025 bazoyazi ngoLwesibili imiphumela yabo.
Khonamanjalo, abafundi ababandakanyeka ehlazweni lokukopela izivivinyo kuzodingeka balinde isikhathi eside ukuze bathole imiphumela yabo.
