Usenkantolo osolwa ngokubulala uDJ Sumbody

Icala elibhekene noKatiso’KT’ Molefe owaboshelwa ukubandakanyeka ekubulaweni kuka-Oupa John Sefoka, owaziwa kakhulu ngelikaDJ Sumbody kanye nonogada bakhe ababili, kulindeleke ukuba avele namuhla enkantolo yemantshi yase-Alexandra enyakatho yeGoli.

UMolefe, nabanye abathathu baboshwa esifundazweni saseGauteng ngenyanga edlule ngamaphoyisa ophiko lwePolitical Killings Task Team.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile icala labasolwa ngokubulala uDJ Sumbody

Bonke babhekene namacala okubulala, ukwakha ukuzungu lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu zesibhamu ezingekho emthethweni.

USefoka wabulawa ngentululwane yezinhlamvu eWoodmead ngoNovember 2022.

Ngesonto eledlule, uMolefe nabanye abantu abathathu abasolwla ngokuba yizinkabi bavela kafushane enkantolo ngaphambi kokuba lihlehliswe icala labo.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)