
Icala lamadoda amane aboshelwe ukubandakanyeka ekubulaweni kuka-Oupa John Sefoka odume ngelika-DJ Sumbody lihlehliselwe umhlaka-29 July eNkntolo yeMmantshi yase-Alexandra enyakatho yeGoli.
Bonke abasolwa baboshwe eGauteng izolo ntambama.
USefoka wabulawa ngentululwane yezinhlamvu eWoodmead ngoNovember 2022. Kanti kulesi sigameko kwashona nabanye abantu ababili.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abane ngokubulawa kuka-DJ Sumbody
Bonke abasolwa, abathathu kubo basolwa ngokuba yizinkabi noyedwa osolwa ngokuba wungqondongqondo wesigameko, bavele kafushane enkantolo ngaphambi kokuba kuhlehliswe icala labo.
Icala lihlehlisiwe ukuze umbuso unikwe isikhathi sokuqhubeka nophenyo ngaphambi kokuthi kufakwe isicelo sebheyili uma ephinda evela.
Bonke babhekene necala lokubulala nelokwakha uzungu lokubulala.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
