Kuboshwe abantu abane ngokubulawa kuka-DJ Sumbody

Bakhalelwe ngamasongo kasigonyela abasolwa abane mayelana necala lokubulala u-DJ wakuleli u-Oupa John Sefoka, obedume ngelika-DJ Sumbody.

Abasolwa baboshwe yithimba lamaphoyisa ophiko lwe-SAPS elisebenza ngokubambisana nabaseshi bobugebengu obuhleliwe baseGauteng.

USefoka wabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngoNovember 2022.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umculi odumile eThekwini kuFlorida Road

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthe abaphenyi beGauteng Organised Crime Dectective basebenze leli cala babe sebesebesondeza ithimba lePolitical Killings Task Team ophikweni lweSAPS ukuze lilekelele.

UMathe uthi bonke abasolwa baboshwe eGauteng ngoMsombuluko ntambama, eqhuba ngokuthi abasolwa abathathu kukholakala ukuthi bayizinkabi kanti oyedwa kusolakala ukuthi nguye owakhipha umyalelo wokuba kubulawe lo DJ.

“Isikhali okusolwa ukuthi sasetshenziswa ukubulala sona sashaqwa kanti sesiyamaniswe namanye amacala okubulala.

“Bonke abasolwa bagcinwe esitokisini samaphoyisa kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.

“UGeneral Fannie Masemola uthi lokhu kuyimpumelelo enkulu futhi kunika ithemba lokuthi kuzovala igebe emndenini ethintekayo,” kusho uMathe.

Twitter/X

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)